Bhaki Security kwi-Ntantokazi

UTHEMBISA ukuvula amehlo abesifazane ngomkhakha wonogada uNksz Samke Maphumulo, wenkampani iBhaki Security and Training Centre. 

USamke uzobe engomunye wezikhulumi eziqavile emcimbini Intandokazi, ezoba sePremier Splendid, eMhlanga, ngoDisemba 13. 

Ekhuluma neSolezwe uSamke uthe bazokwenza abesifazane babone ukuthi lona ngumkhakha olungele noma ngubani bangesabi ukuba yingxenye yawo.

“Mina umsebenzi wami kule nkampani wukuqinisekisa ukuthi umsebenzi esiwenzayo usezingeni eliphezulu. Ngiqale ukuba yingxenye yayo ngo-2018 kodwa ngaphinde ngayeka ngoba bengisafuna ukuyoqedela izifundo zami e-UKZN. Ngithe uma ngiqeda ngabuya ngokuphelele ngo-2022 kuze kube yimanje. Siyabonga kwiSolezwe ngokusimema ekutheni sizohlanganyela nabanye besifazane emcimbini walolu hlobo. Siyathemba ukuthi sonke sizophuma embuthanweni sifundile sicoshe okuthile emgodleni ngamunye wezikhulumi ezizobe zikhona. ” kusho uSamke. 

Uthe uzofundisa abesifazane ukuthi bangazivikela kanjani, uzobatshela ngemisebenzi abayenzayo njengenkampani yonogada nokunye. 

Uthe okwamanje banamagatsha angu-11 afundisa onogada KwaZulu-Natal, nokuzothi uma kuqala unyaka bathule amabili amasha azoba seShowe naseMsinga. 

UPhumi Mkhize obhekele ezokukhangisa kwiSolezwe uveze ukuthi amathikithi asatholakala ku-www.quicket.co.za ngo-R595. 

Uthe uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe wumsakazi weGagasi FM, uSelby Mkhize kanti kunandisa umculi ocula owokholo ophinde abe wumsakazi woKhozi FM uPhindi P.

 Uveze ukuthi izikhulumi ezizobe zishiyelana inkundla zizobe ziqhamuka emikhakheni ehlukene ethinta ngqo abesifazane. 

Thola Ukuqeqesheka Kwezokuphepha!!!

QEQESHEKA ukuze uthole umsebenzi. Bantu baseMlazi, Lamont, Chesterville, Klaarwater neTheku lonke, nali ithuba lokunyusa amathuba emsebenzi. Clairwood branch yaka Bhaki Security and Training isivuliwe. Sithinte ku (067) 8428 130 (WhatsApp kuyo lenamba) manje ususe ikati eziko. UNGASALI.

PSiRA invites applicants from the South African Security Industry

The Private Security Industry Regulatory Authority (PSiRA) invites applicants from the South African Security Industry, to apply for Financial Aid towards the study fees of security officers legal children that are accepted to study at institutions accredited and registered with the Department of Higher Education across South Africa.
Applications are welcome from all 9 provinces, please download the document which has the application form. The document is also available on our website on the Home Page under Industry Circulars.
Email completed forms to financial.aid@psira.co.za
Closing date for applications is the 31st of January 2024.